... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ungabi Yivila

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

KwabaseRoma 12:11 Ekukhuthaleni ningenqeni ,nivuthe emoyeni ,nikhonze iNkosi

Listen to the radio broadcast of

Ungabi Yivila


Download audio file

Eminyakeni eminingi sengibuke abantu benza amaphutha  -nami ngiyazifaka lapho ,nakanjani! Manje anginayo inkinga enkulu  ngamaphutha  ashiwo ngokwethembeka .Kodwa zimbili izinto enginenkinga nazo .Ubuvila nokungathembeki .

Njengomholi we- ministry ,ngiyashisekela ukukhanda isikompilo kwinhlangano yethu ,lakhona abantu benza okusemandleni ukwenza kahle  kodwa baphinde bahluleke phezu kokuzimisela ,lokho akunankinga .Amaphutha ayenzeka ,yimpilo leyo ,asikufunde lokho,asingawaphindi ,asingadlali inkombankombane ,asihlabele phambili . 

Kodwa ubuvila yinto engingeke nhlobo ngayibekezelela .Kodwa manje yinto le ode uhlale uhlale uyibone embusweni kaNkulunkulu.Abantu bazicabangele ngokwabo ,yah sonke singabafowethu nadadewethu ,konke kungokuthandana ,ngingakwazi ukwenza noma yini engiyithandayo.Kodwa cha askusikho neze lokho uNkulunkulu akufuna kithina. 

KwabaseRoma  12:11 Ekukhuthaleni ningenqeni ,nivuthe emoyeni ,nikhonze iNkosi

UJosefa kwiThestamente Elidala wabhekana nokusebenza kanzima ngokufakwa ezimweni ezingenabulungiswa  amahlandla emaningi  futhi ebhekene nokuzondwa ,lokho okwakwenza kuvese kubonakale iziphiwo uNkulunkulu ayemuphe zona ,avese akhazinyuliswe kubo lobo bunzima .

UJesu – soze wamchaza njengevila ,ungamchaza kanjalo? Manje pho yini le eyenza ukuthi uma sisebenzela uNkulunkulu ,ubuvila bemukelekile? 

Sihlobo sami,abantu bayafa emnyango.Badinga ukuzwa ngoJesu .Uneziphiwo zonke thina esingenazo ezinjengezakho .Iziphiwo namakhono uNkulunkulu angawasebenzisa ngamandla angachazekiyo ,ukusondeza abantu kuYe . 

Ngingakulethela utoliko olwahlukile lwalelo vesi kuwe ? Leli eliphambi kobuso bakho kaningi ngaphezu kwaleli esingikucobelele lona ?

Romans 12:11 [Ningabi ngamavila ekushisekeleni] Ekukhuthaleni ningenqeni ,nivuthe emoyeni ,nikhonze iNkosi

Uma sekuziwa ekusebenzeleni uNkulunkulu ungabi yivila . 

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..