... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Ukukhetha Ngenhlakanipho Enhle

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte  9:7,8 Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza. Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle.

Listen to the radio broadcast of

Ukukhetha Ngenhlakanipho Enhle


Download audio file

Sewake wazizwa ucindezelekile ukunikela ? Uyasibona lesosikhathi lakhona abantu bengqongqoza kwakho bekucela imali ngalokhu nalokhuya ,kumbe bekuthumele ama email ukukucela ulekelele ngomnikelo emsebenzini othize ? Akubi ngumuzwa omnandi lowo ,ngakube umnandi?

Angikubingelele,ngiphinde ngikwamukele futhi engosini e-FRESH ,nginguSbonelo BT Ngema ongumlomo ka -Berni Dymet we-Christianity Works.

Kubukeka kulezinsuku wonke umuntu ekhiphe isandla ekhangeza ,ekucela umsize kulokhu nalokhuya .Futhi lowomuzwa wokungabi mnandi uma ucelwa ,owenzekayo nakimi ,kubukeka sengathi ngokwami wenzeka ngazizathu  ezimbili .Esokuqala ,kungaba ngukuthi yingoba asinayo inhliziyo kumbe umuzwa walowomsebenzi okucelelwa sinikelele wona ,okwesibili kungaba ngukuthi sesaba ukuthi uma sinikela ,asinakho okwanele ,nathi sizoshodelwa uma sinikela …futhi lokho kusenza sizizwe sinecala .

Akubi mnandi ,akunjalo ? Manje pho ithini impendulo ?

2 KwabaseKhorinte  9:7,8 Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza. Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle.

Ngamanye amazwi ,okokuqala simelwe ukunikela lakhona uMoya oNgcwele esiholela ukunikela khona ,ngoba kuleyondawo sizizwa ukuthakasa okukhulu ngalokho kunikela .Ungavumi ukucindezeleka ,ungavumi ukunikela entweni  ongazizwa ukhululekile ngayo .

Futhi akuthi uma unikela ,unikela ujakada uthokoza .Ungalingi wesabe ukuthi uzoshodelwa ngoba soze wamnciphisela uNkulunkulu inqwaba yanakho angakunika khona ,uhlale enakho kuchichima .Awumelwe neze ungoqe ngoba uyabathanda labo abanikela bethokoza .Yena angakunika okuningi ngaphezu konikele ngakho nokudingayo  ukuze uhlale unakho kuyinala .Ungalenzi iphutha ungabaze ,angikutshele sihlobo sami ukuthi uyohlala unokwanele ukunikelela yonke imisebenzi emihle .

Nikela njengokokuba uMoya ukuhola .

Ukunikela emsebenzini kaNkulunkulu kuletha intokozo enkulu .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..