... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

Umlingiselo Oshibhile KaKhisimusi

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

2 KwabaseKhorinte 4:3,4 Kepha uma ivangeli lethu lifihlakele, lifihlakele kwabalahlwayo, okukubona abangakholwa unkulunkulu waleli zwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.

Namhlanje emhlabeni wonke jikelele izingane zizobe zibeka ingilasi yobisi namaqebelengwane  amakhekhe ngoSanta (Father Christmas)  konke lokhu kwenziwa ngokomkhuba wokuthi  kunamathemba amakhulu okuthi uzobapha ashiye  izipho ngaphansi kwesihlahla  ebusuku [ngokwalelisikomkhuba laseNtshona]. 

Futhi kubukeka kukuhle lokho ,kodwa kuyamangaza ukuthi lelisiko selijikeleze laziwa umhlaba wonke libe lingukuhlanekezelwa kweqiniso  lomgubho kaKhisimusi .

Thina bantu ,senza izinto ezingaqondakali nje .Sithatha ubuhle obuhle besipho seNdodana kaNkulunkulu  asinika uluntu lonkana ukuba lusindiswe  ezonweni ,qede sibutshekise silihlankezele siligudluze ebuqinisweni eliyilona qede sense umlingiso walo ongumthiks  ongathi shu ongamanga ,okugcina kungasewona umgubho kodwa kube yingcindezelo emndenini eminingi enza lomkhuba . 

Sidayisa izinkomo ngamatshe .Silizibe iqiniso elihle lokuthi ingempela ungani uKhisimusi .Kungani ukuba sikuphinde ukukwenza lokho na? 

2 KwabaseKhorinte  4:3,4Kepha uma ivangeli lethu lifihlakele, lifihlakele kwabalahlwayo,  okukubona abangakholwa unkulunkulu waleli zwe uphuphuthekisile ingqondo yabo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu.

Isizathu sokuthi uluntu selwehlise ezizukulwane  ukuhlanekezelwa kweqiniso  elingoKhisimusi ,yingoba abakabuboni ukukhanya ,yingoba abamazi uJesu ,ngoba lo athi unguye anguye ,kuliqiniso elibabayo elingamukeleki kubona. 

Yingakho uKhisimusi kubo ungesihlahla sikakhisimusi ,ungobucwayicwayi bamalambu amabhelunde emihlobiso  nezibiliboco esikhundleni sikaKhrestu uqobo lwaKhe .Mhlambe ngakube lukhona utho olubi ngalezo zinto   ? Cha hle hle alukho,kodwa uma kungukuthi yiyona nto ukhisimusi ongayo  lokho kuyobe kuchaza ukuthi silahlekelwe yiphuzu kulendaba . 

UKhisimusi ungoJesu eza emhlabeni ,ethunyelwe ukuzokusindisa nokuzongisindisa  .

Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje..