... helping you be all that God made you to be, because He plans on shining His light into this world through you.

Berni - ceo, Christianityworks

UNkulunkulu Wobuhlungu

We're glad you like it!

Enjoying the content? You can save this to your favorites by logging in to your account.

Register or Login

Add to Favourites

Isaya 53:3,5 Yayideleliwe ,yashiwa ngabantu ,umuntu wobuhlungu owazi ukugula;yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu,asiyishayanga into yalutho.Yebo yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu ,yachotshozwa ngobubi bethu ,isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula nangemivimbo yayo siphilisiwe thina.

Listen to the radio broadcast of

UNkulunkulu Wobuhlungu


Download audio file

Uma mina nawe sizithola sisekuhluphekeni ,ikakhulukazi uyabona lakhona kusuke kungadalwanga yithi ,kuye kuzwakale kungenabulungiswa ,siye sizithole sibuza uNkulunkulu ukuthi  : “Kungani evumele lokhu kwenzeke? Yini eyenza avumele kuqhubeke kunjena kodwa?

Inhlupheko ibukeka iyinto evese  iphikise ubukhona bukaNkulunkulu onamandla nonothando.Phela kuthiwa ubegcwele loluthando nalamandla ubezokumisa konke lokhukuhlupheka ….ikakhulukazi lengxenye yokuhlupheka engenabulungiswa esingenacala ngokwenzeka kwayo ,cabanga nje izingane ezinomdlavuza nabesifazane abenziwa izigqila…ubengeke akumisa lokho pho ?

Anginazo zonke izimpendulo ,kodwa okunginika inselelo ngukuthi uJesu weza kulomhlaba ,yebo ukuzosikhombisa ukuthi uNkulunkulu unjani ,kodwa ingqikithi enkulu kwabe kungukuzohlupheka kanzima ,ukuthatha isijeziso sesono sami nesakho emahlombe akhe .ukuze sithethelelwe ,sibe nesipho semahhala sokuphila okuphakade.

U-Isaya wakuphrofetha lokho kanye eminyakeni eminingi eyadlula:

Isaya 53:3,5 Yayideleliwe ,yashiwa ngabantu ,umuntu wobuhlungu owazi ukugula;yeyiswa injengosithezelwa ubuso ngabantu,asiyishayanga into yalutho.Yebo yalinyazwa ngenxa yeziphambeko zethu ,yachotshozwa ngobubi bethu ,isijeziso sasiphezu kwayo ukuba sibe nokuthula  nangemivimbo yayo siphilisiwe thina .

Ngisho bekungathiwa besingafisa kangakanani ,kodwa nje bona ubuhlungu buyingxenye yempilo .Angazi impela kungani uNkulunkulu wadala umhlaba obuye ube nobuhlungu phakathi .Kodwa engikwaziyo ngukuthi Yena luqobo akayena umuntu ongabazi ubuhlungu .

UJesu washawa ,walinyazwa ,wabethelwa esiphambanweni ,lakhona woma  kancane kancane  ngezinhlungu ezinzima .

Sihlobo sami uNkulunkulu engimaziyo ,nguNkulunkulu ozwa ubuhlungu ahlupheke kunye nathi. Yilona kanye iZwi likaNkulunkulu leli … Eliza kuwe li-Fresh namhlanje …


We use cookies to improve your browsing experience, analyse site traffic & personalise content, but we do not track you when you leave this site. To find out how we utilise & protect your data, check out our "Privacy Policy".

Privacy Policy

Sorry, no video available

Due to the 2020 COVID-19 situation there’s no video for this program. Enjoy the audio & text and remember, there’s lots more in the Media Lounge. Thank you for your understanding.

Visit the Media Lounge